Igama leNkosi Liyiyo inqaba
Ophephela khona yakusindiswa
Ohlezi kuyona akanakwesaba
Nokuba umhlaba uzanyazanyiswa
Abayokhulek'egameni leNkosi
Bayakusindiswa, uyasho umbhalo
Libongwe ngabantu
Libongw'ingelosi
Alikho igama
Elihle njengalo
Igama leNkosi linika amandla
Liyawaqinisa amadolo ethu
Lisusa uvalo, linika inhlanhla
Liyasikhanyisa endleleni yethu
Mhla ngiyakumuka ngishiye lomhlaba
Igama leNkosi lithikithi lami
Khona ngiyohamba ngingenakwesaba
Ngocasha kuJesu, enguMhlengi wami
Ngocasha kuJesu
Ngocasha kuJesu, enguMhlengi wami
Ngocasha kuJesu
Ngocasha kuJesu, enguMhlengi wami
Ngocasha kuJesu
Ngocasha kuJesu, enguMhlengi wami
Alikho igama
Alikho igama elinje ngalo
Alikho igama
Alikho igama elinje ngalo
Alikho igama
Alikho igama elinje ngalo