Оберіть трек для відтворення
Nxa ngimbona uMsindisi
Efa esiphambanweni
Ngiyolahla yonk' imfuyo
Nakho ukuzindla kwami
Ngingayisa ntoni na
Efanelwe ukumbonga
Anginakho okwanele
Ngizomnika uqobo lwami
Oh bhekan' inhloko Yakhe
Nezozandla nezinyawo
Yek' uthando yek' usizi
Olukhulu olungaka