Awu zinkayankiya
Banjalo ke abantu
Uma usaphila, wena umubi, wafa umuhle, usumuhle
Uma usaphila emhlabeni wena umubi
Uma usaphila emhlabeni wena unamabala
Ukuphefumula kwakho amazondo
Banjalo abantu emhlabeni
Kodwa mhla ufayo
Mhla ufayo
Ilapho, ilapho abayobona
Ukuthi ubungumuntu nawe
Ilapho, abayoqala ukukuthanda nawe
Mhla ufayo
Uthando olunjani lolu, oluqala emathuneni"