
Umtanami usebhonga emncane nje
Akasalali uphupha izingonyama
Umtanami usengenwa ingulo emncane kanje
Akasalali uphupha obabamkhulu bakhe
Shwele ke dlozi shwele
Kodwa ngomtanami bo
Wemtanami uyothwasiswa ngubani
Ngoba izangoma azisabhuli sezilibele zindaba
Wemtanami uyothwasiswa ngubani
Ngona izangoma azisayilandi inyoka emanzini
Bobaba Mkhulu konakele sizani
Izwe libi ke, engabe iyozala
Nkomoni uma ningangeneleli siyokhala kubani
Liyolungiswa yini izwe lamathongo
Wemtanami uyothwasiswa ngubani
Ngoba izangoma azisabhuli sezilibele zindaba
Wemtanami uyothwasiswa ngubani,
Ngona izangoma azisayilandi inyoka emanzini